Wednesday 21 September 2011

Nizobusisiwe

NgokukaMathewu 5:6-9
Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.
Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.
Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.

Nifunani manje? Sonke, sifuna ukujabula. Sifuna ukudla kahle. Sifuna imindeni yethu iphila kahle. Abantu abanye, mhlawumbe bafuna imali iningi. Bafuna izimoto ezinkulu. Abakhumbuli umdali wabo.
UNkulunkulu uthi uma nithanda ukujabula manifune ukulunga. Hlanzani izinhliziyo zenu. Nithande ukuthula. Futhi, nizobusisiwe.