Wednesday 23 February 2011

Njengehange (anchor)


KumaHeberu 6:19

Ithemba esinalo njengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile.

Zonke izinto ziyatshinsha. Zikhona namhlanje, zihambile kusasa. Mhlaumbe siyesaba. Kukhona okuningi esingakwazi.
Kodwa uJesu njengehange. Akahambi. Uhlala nathi njalo. Masimdumise.

Wednesday 16 February 2011

Njengezinkozi

Ngikhathele. Ngifuna ukuhamba ekhaya. Amehlo ami akhathele.
Kodwa ngikhumbula uIsaya 40:28-31.

Awazi yini? Awuzwanga? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.
Nguye omupha oyethileyo amandla nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa.
Kepha abamathemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Ngoku, ngiyathandaza. Ngicela kuNkulunkulu amandla. Ngiyathola amandla amasha.
Nikhathele na? Thandazani nonke - nizokuthola amandla amasha!

Wednesday 9 February 2011

Singukukhanya

Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibane, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
NogokukaMathewu 5:14-16.

Bonke abakholwayo bangukukhanya kwezwe. Uma sithi uJesu uyinkosi, singukukhanya.
uDean waseSeminary ushumayele namhlanje. Wathi ukukhanya kuyakhuluma, kuthi "I beg to differ."
Ukukhanya akubuthandi ubumnyama. Ubuhle akubuthandi ububi. Bathi, "we beg to differ."
Singukukhanya kwezwe. Singathi noma singasho ukuthi, "I beg to differ."